Imininingwane ngohlelo

Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula

Advent: The Journey to Christmas

USUKU 1 KWEZINGU- 25


Isithembiso Sokuqala


Uyazi ukuthi isithembiso sokuqala esenziwa uNkulunkulu esikaKhisimusi? KuGenesisi, sifunda ukuthi uma uAdamu noEva bona engadini yaseEdeni, abanyu bahlukana nobukhona bukaNkulunkulu. Isono sasintshontshela ubuhle bethu sasingcolisa. Ngoba engcwele futhi emuhle, uNkulunkulu akwazi ukuba sebudlelwaneni nokungcolile. Lokuhlukana kwayiphula inhliziyo kaNkulunkulu ngoba usithanda kakhulu kunalokhu esikucabangayo. UNkulunkulu wenza indlela ngalesosikhathi yokubuyisana naYe. Kusukela ekuqaleni kokuba khona kwabantu, uJesu wayeyingxenye yendaba.


UNkulunkulu wamtshela uSathane ngalolosuku. Wathi, “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesisi 3:15) Khona lapho, phakathi kwesizukulwane sikaEva, kwakuzoza uMsindisi owayezophuca uSathane amandla ayenawo ahlukanisa umuntu noNkulunkulu. USathane wayeyozama ukulwa, kodwa uMsindisi wayeyokuchoboza ikhanda lakhe. Akukho okushintsha lokho!


UKhisimusi ungukuqala kwendlela yokubuyisana kwabantu noNkulunkulu ngeSivumelwano Sakhe Esisha. Umhlaba walinda iminyaka eminingi ulinde uMsindisi owayethenjisiwe, ekugcineni wafika. Owayeyokunqoba ukufa phakade waba uNkulunkulu phakathi kwabantu.


Uma singena ku-Advent, cabanga ngokugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu. Yazi ukuthi uNkulunkulu uyalimela iZwi laKhe, ucabange ngokuthi wakuthanda kangaka waze wanikela ngeNdodana yaKhe ukuthi izalelwe ezweni lesono ukuze abe nobudlelwane nawe.


Umthandazo: Baba, ngiyamangala ukuthi uma ubona umuntu ona waphendula ngesethembiso sokuthi asingeke sahlukane phakade. Ngiyabonga ngokungikhetha kusukela ekuqaleni waletha uJesu ukuze abe nobudlelwane nawe. Njengoba silindele uKhisimusi kulonyaka, nginike isambulo salokhoowakufeza ngokuza kukaJesu ezweni. Yenza ngizizwele ukwethaba owakuzwa mhla uJesu ezalwa nokugcwaliswa kwesethembiso sakho kubantu.


Download-a isithombe sanamuhlalapha.


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Advent: The Journey to Christmas

UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu ...

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.churchofthehighlands.com/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo