AmaHubo 23:1-6
AmaHubo 23:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela. Ungilalisa emadlelweni aluhlaza; ungiyisa ngasemanzini okuphumula. Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe. Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza. Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyohlala kungilandela imihla yonke yokuphila kwami. Ngiyohlala endlini kaSimakade kuze kube phakade.
AmaHubo 23:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
AmaHubo 23:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. UJehova ungumalusi wami; bengingeke ngifune. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; Ungiholela emanzini okuthula. Uyawuvuselela umphefumulo wami, uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Yebo, noma ngidlula esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami; Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela, okuhle nomusa kuyakungilandela zonke izinsuku zokuhamba kwami, futhi ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.