AmaHubo 23:1-6
![AmaHubo 23:1-6 - UJehova ungumalusi wami,
angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
Ubuyisa umphefumulo wami;
uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;
ugcoba ikhanda lami ngamafutha;
indebe yami iyachichima.
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F320x320%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fstatic-youversionapi-com%2Fimages%2Fbase%2F20866%2F1280x1280.jpg&w=640&q=75)
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
AmaHubo 23:1-6