AMahubo 23

23
USimakade Ungumelusi Wami
Ihubo likaDavide
1USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.
2Ungilalisa emadlelweni aluhlaza;
ungiyisa ngasemanzini okuphumula.
3Uvuselela umphefumulo wami.
Ungiholela ezindleleni zokulunga,
ngenxa yeGama lakhe.
4Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama
okwethunzi lokufa,
angiyukwesaba ngozi,
ngokuba Wena unami,
intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
5Udeka itafula phambi kwami,
kubuka izitha zami.
Ugcoba ikhanda lami ngamafutha;
indebe yami iyachichima.
6Impela okuhle nomusa
kuyohlala kungilandela
imihla yonke yokuphila kwami.
Ngiyohlala endlini kaSimakade
kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo