IzAga 31:1-9
IzAga 31:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, isixwayiso asinikwa ngunina. “Hhayi, ndodana yami; hhayi! Ndodana yesibeletho sami, kwenzenjani, ndodana yezifungo zami na? Ungabaniki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho, kwababhubhisa amakhosi. “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, ukuphuza iwayini. Akusikho nje nempela okwababusi ukuthanda uphuzo olunamandla; funa baphuze bese bekhohlwa yizimiso, baguqule amalungelo abahluphekayo. Nika uphuzo olunamandla kobhubhayo, newayini konomunyu enhliziyweni. Uyophuza, akhohlwe ubuphofu bakhe, angabe esalukhumbula usizi lwakhe. “Khulumela isimungulu, umele ilungelo labo bonke abahluphekayo. Vula umlomo wakho wehlulele ngokulunga, uvikele amalungelo abampofu nabantulayo.”
IzAga 31:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina. “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na? Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi. “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla, funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka. Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe. “Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane. Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”
IzAga 31:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi kaLemuweli inkosi, isiprofetho unina amfundisa sona. Yini, ndodana yami? kanti yini, ndodana yesizalo sami? kanti yini, ndodana yezithembiso zami? Unganiki amandla akho kwabesifazane, nezindlela zakho ekubhujisweni kwamakhosi. Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini; noma izikhulu uphuzo olunamandla; funa banathe, bakhohlwe umthetho, baphendukezele isahlulelo sanoma yimuphi wabampofu. Nika okudakwayo osondelayo, newayini kwabadabukileyo. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esacabanga usizi lwakhe. Vula umlomo wakho kuso isimungulu ngenxa yabo bonke abamiselwe ukubhujiswa. Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, ulwele abampofu labaswelayo.