IzAga 31

31
Amazwi kaLemuweli
1Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
2“Yini, ndodana yami,
yini, ndodana yesizalo sami,
yini, ndodana yezithembiso zami, na?
3 Unganiki abesifazane amandla akho,
nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
4 “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli,
akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini,
nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
5 funa baphuze, bakhohlwe izimiso,
baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
6Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla
nomunyu enhliziyweni iwayini.
7Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe,
angabe esakhumbula usizi lwakhe.
8 “Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane.
9 Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu.”
Ukudunyiswa kowesifazane okhutheleyo
10 Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*
11 Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;
ayiyikuswela inzuzo.
12Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,
zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*
usebenza ngezandla ezivumayo.
14Unjengemikhumbi yabathengi;
ulanda kude ukudla kwakhe.
15Uyavuka kuse sebusuku,
aphe abendlu yakhe ukudla
namantombazana akhe imisebenzi yawo.
16Ucabanga ngensimu, ayithenge;
ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17Uyabhinca okhalweni amandla;
uyaqinisa izingalo zakhe.
18Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;
isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,
neminwe yakhe ibamba insimbi.
20Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,
yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
21Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;
ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
22Uyazenzela izindwangu ezimbozayo;
izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.
23Indoda yakhe iyaziwa emasangweni,
lapho ihlezi namalunga ezwe.
24Wenza izingubo zelineni,
athengise ngazo,
anikele kubathengi amabhande.*
25Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe;
uhleka usuku oluzayo.
26Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha,
nomthetho womusa usolimini lwakhe.
27Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe,
akadli isinkwa sobuvila.
28Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise;
nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
29“Baningi abafazi abakhutheleyo,
kepha wena ubadlula bonke.”
30 Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31Muphe ezithelweni zezandla zakhe,
izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 31: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo