Izaga zikaSolomoni 31:1-9

Izaga zikaSolomoni 31:1-9 CZB24

Amazwi kaLemuweli inkosi, isiprofetho unina amfundisa sona. Yini, ndodana yami? kanti yini, ndodana yesizalo sami? kanti yini, ndodana yezithembiso zami? Unganiki amandla akho kwabesifazane, nezindlela zakho ekubhujisweni kwamakhosi. Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini; noma izikhulu uphuzo olunamandla; funa banathe, bakhohlwe umthetho, baphendukezele isahlulelo sanoma yimuphi wabampofu. Nika okudakwayo osondelayo, newayini kwabadabukileyo. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esacabanga usizi lwakhe. Vula umlomo wakho kuso isimungulu ngenxa yabo bonke abamiselwe ukubhujiswa. Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, ulwele abampofu labaswelayo.