KwabaseFilipi 2:2-13
KwabaseFilipi 2:2-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Gcwalisani intokozo yami, ukuze nibe nhliziyonye, ninothando olufanayo, nibe nhliziyonye, nengqondo munye. Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu; owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga; Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu; efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke; ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba; lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba. Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
KwabaseFilipi 2:2-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye. Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani. Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu. Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa, wamnika igama elingaphezu kwamagama wonke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.
KwabaseFilipi 2:2-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.
KwabaseFilipi 2:2-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)