KwabaseFiliphi 2

2
Ukuzithoba KukaKhristu Nokuphakanyiswa Kwakhe
1 Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, 2 gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye. 3 Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani. 4 Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye. 5 Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, 6 owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. 7 Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu. 8 Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. 9 Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa, wamnika igama elingaphezu kwamagama wonke, 10 ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba 11 nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
Iseluleko Sokuqaphelisisa Ukusindiswa
12 Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. 13 Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe. 14 Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, 15 ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni, 16 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala. 17 Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke. 18Nani-ke ngokunjalo thokozani, nithokoze kanye nami.
UPawula Wethembisa Ukuthumela UThimothewu No-Ephafrodithu
19 Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini. 20 Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho. 21 Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu. 22 Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli. 23 Ngakho-ke ngiyethemba ukuthi ngizomthumela kungakapholi maseko, uma nje sekwehlukene inhloko nesixhanti maqondana nalokhu engibhekene nakho. 24 Kepha nginethemba eNkosini ukuthi ngizakuza masinyane.
25 Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami. 26Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula. 27Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi. 28Ngakho-ke ngizimisele kakhulu ukuba ngimthumele kini, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, nakimi lunciphe usizi. 29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe, 30 ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseFiliphi 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo