Kwabase-Filipi 2

2
KwabaseFilipi 2
1Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,
2Gcwalisani intokozo yami, ukuze nibe nhliziyonye, ninothando olufanayo, nibe nhliziyonye, nengqondo munye.
3Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.
4Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye.
5Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu;
6owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga;
7Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;
8efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
9Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke;
10ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba;
11lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba.
12Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
13Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
14Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana;
15ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni;
16nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.
17Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.
18Ngenxa yalokho thokozani futhi, nithokoze kanye nami.
19Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngiduduzeke, lapho sengikwazi okumayelana nani.
20Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu.
21Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu.
22Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini.
23Ngakho-ke ngithemba ukumthuma masinyane, nxa sengibonile ukuthi kungihambela njani.
24Kodwa ngiyethemba eNkosini ukuthi lami ngokwami ngizakuza masinyane.
25Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.
26Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula.
27Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi.
28Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe.
29Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo.
30Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Filipi 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo