KwabaseFilipi 2:14-16
KwabaseFilipi 2:14-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni; nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.
KwabaseFilipi 2:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala.
KwabaseFilipi 2:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
KwabaseFilipi 2:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)