KwabaseFilipi 2:12-18
KwabaseFilipi 2:12-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle. Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni; nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize. Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke. Ngenxa yalokho thokozani futhi, nithokoze kanye nami.
KwabaseFilipi 2:12-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela. Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe. Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala. Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke. Nani-ke ngokunjalo thokozani, nithokoze kanye nami.
KwabaseFilipi 2:12-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
KwabaseFilipi 2:12-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)