NgokukaMarku 9:2-9
NgokukaMarku 9:2-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe. Kwabonakala kubo u-Eliya noMose, bekhuluma noJesu. UPetru waphendula, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. Ngokuba wayengazi ukuthi athini; ngoba besaba kakhulu. Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo. Kwathi besehla entabeni, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu izinto abazibonileyo, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
NgokukaMarku 9:2-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi kungedlula izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende, bebodwa. UJesu waguquka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo. Base bebona u-Eliya noMose bekhuluma noJesu. UPhethro wayesethi kuJesu: “Rabi, kuhle kithi ukuba sibe lapha, masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, nelinye kube ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uthini, ngokuba babesaba kakhulu. Khona manjalo kwafika ifu labasibekela; kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yilaleleni.” Ngokushesha bathi bethi qala qala, ababe besabona muntu, ngaphandle kukaJesu yedwa owayenabo. Sebehla entabeni, uJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngabakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.
NgokukaMarku 9:2-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu. Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu. Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.” Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo. Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.
NgokukaMarku 9:2-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)