Marku 9

9
Marku 9
1Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.
2Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo.
3Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe.
4Kwabonakala kubo u-Eliya noMose, bekhuluma noJesu.
5UPetru waphendula, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
6Ngokuba wayengazi ukuthi athini; ngoba besaba kakhulu.
7Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;
8Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.
9Kwathi besehla entabeni, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu izinto abazibonileyo, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
10Baligcina lelo zwi phakathi kwabo, bebuzana ukuthi ukuvuka kwabafileyo kuyini.
11Basebembuza, besithi: Batshoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala?
12Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe.
13Kodwa ngithi kini: UEliya usefikile, basebesenza kuye konke ababekuthanda, njengokulotshiweyo ngaye.
14Esefikile kubafundi bakhe, wabona isixuku esikhulu sibahaqile, nababhali bephikisana nabo.
15Kwathi masinyane isixuku sonke simbona samangala kakhulu, sagijimela kuye, sambingelela.
16Wababuza ababhali, wathi: “Niphikisana ngani nabo na?
17Omunye wesixuku waphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu;
18Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga.
19Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.
20Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu.
21Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni.
22Umphose kaningi emlilweni nasemanzini ukuba umbhubhise; kepha uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.
23UJesu wathi kuye: “Uma ukholwa, zonke izinto zingenzeka kokholwayo.
24Wahle wamemeza uyise womntwana, wathi ngezinyembezi: Ngiyakholwa, Nkosi; siza ukungakholwa kwami.
25UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.
26Umoya wakhala, wamdwengula kabuhlungu, waphuma kuye; baze bathi: Ufile.
27Kodwa uJesu wambamba ngesandla, wamsukumisa; wasukuma.
28Esengene endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?
29Wathi kubo: Loluhlobo alunakuphuma ngalutho, kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.
30Basuka lapho, badabula iGalile; futhi wayengafuni ukuthi umuntu akwazi.
31Ngoba wayefundisa abafundi bakhe, wathi kubo: INdodana yomuntu inikelwa ezandleni zabantu, njalo bazayibulala; njalo emva kokuba esebulewe, uzavuka ngosuku lwesithathu.
32Kodwa kabaliqondanga lelolizwi, besaba ukumbuza.
33Wayesefika eKapernawume; esesendlini wababuza wathi: “Beniphikisana ngani endleleni na?
34Kodwa bathula, ngoba endleleni babephikisana bodwa ngokuthi ngubani omkhulu.
35Wayesehlala phansi, wabiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, uyakuba ngowokugcina kubo bonke nesigqila sabo bonke.
36Wathatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo.
37Loba ngubani owemukela abe munye wabantwana abanje ebizweni lami, uyangemukela mina; njalo loba ngubani ongamukela mina, kamukeli mina, kodwa loyo ongithumileyo.
38UJohane wamphendula wathi: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho;
39Kodwa uJesu wathi: Lingamenqabeli, ngoba kakho owenza umsebenzi wamandla ebizweni lami, ongahle akhulume kubi ngami.
40Ngoba ongamelani lathi ungakithi.
41Ngoba loba ngubani ozalinathisa inkezo yamanzi ngenxa yebizo lami, ngoba lingabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
42Noma ngubani okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle.
43Njalo uba isandla sakho sikukhubekisa, siqume;
44lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.
45Njalo uba unyawo lwakho lukukhubekisa, luqume;
46lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.
47Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe;
48lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.
49Ngokuba yilowo nalowo uyakutswaywa ngomlilo, futhi wonke umhlatshelo utswaywe ngosawoti.
50Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 9: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo