NgokukaMakhu 9

9
1Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: kukhona abanye kulaba abemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.”
Ukukhazimuliswa KukaJesu Entabeni
(Mat. 17:1; Luk. 9:28)
2 Kwathi kungedlula izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende, bebodwa. UJesu waguquka esinye isimo phambi kwabo. 3Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo. 4Base bebona u-Eliya noMose bekhuluma noJesu.
5UPhethro wayesethi kuJesu: “Rabi, kuhle kithi ukuba sibe lapha, masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, nelinye kube ngelika-Eliya.”
6Wayengazi ukuthi uthini, ngokuba babesaba kakhulu.
7 Khona manjalo kwafika ifu labasibekela; kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yilaleleni.”
8Ngokushesha bathi bethi qala qala, ababe besabona muntu, ngaphandle kukaJesu yedwa owayenabo.
9Sebehla entabeni, uJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngabakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. 10Lokho kwaba yisifuba sabo, belokhu bebuzana bodwa ukuthi kuyini lokho kuvuka kwabafileyo.
11 Base bembuza, bethi: “Zisholoni izazimthetho ukuthi kufanele kufike u-Eliya kuqala na?”
12 Wayesethi kubo: “Impela u-Eliya uyakubuya kuqala ukuze abuyisele konke, kodwa kulotshweni ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe na? 13 Kepha ngithi kini: u-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo njengalokhu kulotshiwe ngaye.”
UJesu Uphulukisa Umfana Onomoya Wobumungulu
(Mat. 17:14; Luk. 9:37)
14Kwathi lapho sebefikile kubafundi, babona isixuku esikhulu sibangungile nezazimthetho ziqagulisana nabo. 15Isixuku sathi singambona uJesu samangala, sagijima saqonda kuye, sambingelela.
16Wayesebabuza ethi: “Yini eniphikisana ngayo nabo na?”
17Omunye wesixuku wamphendula, wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya wobumungulu. 18Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.”
19UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”
20 Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
21UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?”
Wathi: “Kusukela isengumntwana. 22Lo moya usuyiphonse kaningi emlilweni nasemanzini ukuba uyibhubhise, kodwa uma unamandla okwenza okuthile, sihawukele, usisize.”
23 UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.”
24Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
25UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.”
26Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”
27Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamphakamisa; wayesesukuma.
28Sebengenile endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese, bathi: “Kungani thina sehlulekile ukuwukhipha na?”
29UJesu wathi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.”
UJesu Ukhuluma Okwesibili Ngokuhlupheka Kwakhe
(Mat. 17:22; Luk. 9:43)
30Basuka lapho, badabula iGalile; uJesu akathandanga ukuba kwazi muntu, 31 ngokuba wayefundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuyakuthi isibulewe, ivuke emva kwezinsuku ezintathu.”
32Kepha abakuqondanga lokho ayekusho, besaba nokumbuza.
Ubukhulu Obuyibo Nezikhubekiso
(Mat. 18:1; Luk. 9:46)
33Base beya eKhaphernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza, ethi: “Yini le ebeniqagulisana ngayo endleleni na?”
34 Kepha bathula du, ngokuba babephikisana endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35 Wahlala phansi, wabiza abali-12, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke, nesikhonzi sabo bonke.”
36Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, maqede wathi kubo: 37 “Yilowo nalowo owamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami, uyangamukela Mina. Ongamukelayo, akamukeli Mina nje, kodwa wamukela ongithumileyo.”
Umuntu Okhipha Amadimoni Ngegama LikaJesu
38 UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho; samenqabela, ngokuba engesiye umlandeli wethu.”
39Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami; 40 ongamelene nathi, ungakithi. 41 Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
UJesu Uxwayisa Ngezikhubekiso
42“Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kuyakuba ngcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle.
43 “Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili. 44Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. 45Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ungene ekuphileni uyinquge kunokuba uphonswe esihongweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili. 46Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. 47 Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe. Kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uyindlobho kunokuba uphonswe esihongweni unamehlo omabili. 48 Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi.
49“Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo.
50 “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo