NgokukaMarku 9:1-29

NgokukaMarku 9:1-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla. Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe. Kwabonakala kubo u-Eliya noMose, bekhuluma noJesu. UPetru waphendula, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. Ngokuba wayengazi ukuthi athini; ngoba besaba kakhulu. Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo. Kwathi besehla entabeni, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu izinto abazibonileyo, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu. Baligcina lelo zwi phakathi kwabo, bebuzana ukuthi ukuvuka kwabafileyo kuyini. Basebembuza, besithi: Batshoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala? Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe. Kodwa ngithi kini: UEliya usefikile, basebesenza kuye konke ababekuthanda, njengokulotshiweyo ngaye. Esefikile kubafundi bakhe, wabona isixuku esikhulu sibahaqile, nababhali bephikisana nabo. Kwathi masinyane isixuku sonke simbona samangala kakhulu, sagijimela kuye, sambingelela. Wababuza ababhali, wathi: “Niphikisana ngani nabo na? Omunye wesixuku waphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu; Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga. Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi. Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu. Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni. Umphose kaningi emlilweni nasemanzini ukuba umbhubhise; kepha uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize. UJesu wathi kuye: “Uma ukholwa, zonke izinto zingenzeka kokholwayo. Wahle wamemeza uyise womntwana, wathi ngezinyembezi: Ngiyakholwa, Nkosi; siza ukungakholwa kwami. UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye. Umoya wakhala, wamdwengula kabuhlungu, waphuma kuye; baze bathi: Ufile. Kodwa uJesu wambamba ngesandla, wamsukumisa; wasukuma. Esengene endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na? Wathi kubo: Loluhlobo alunakuphuma ngalutho, kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.

NgokukaMarku 9:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: kukhona abanye kulaba abemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.” Kwathi kungedlula izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende, bebodwa. UJesu waguquka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo. Base bebona u-Eliya noMose bekhuluma noJesu. UPhethro wayesethi kuJesu: “Rabi, kuhle kithi ukuba sibe lapha, masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, nelinye kube ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uthini, ngokuba babesaba kakhulu. Khona manjalo kwafika ifu labasibekela; kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yilaleleni.” Ngokushesha bathi bethi qala qala, ababe besabona muntu, ngaphandle kukaJesu yedwa owayenabo. Sebehla entabeni, uJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngabakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. Lokho kwaba yisifuba sabo, belokhu bebuzana bodwa ukuthi kuyini lokho kuvuka kwabafileyo. Base bembuza, bethi: “Zisholoni izazimthetho ukuthi kufanele kufike u-Eliya kuqala na?” Wayesethi kubo: “Impela u-Eliya uyakubuya kuqala ukuze abuyisele konke, kodwa kulotshweni ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe na? Kepha ngithi kini: u-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo njengalokhu kulotshiwe ngaye.” Kwathi lapho sebefikile kubafundi, babona isixuku esikhulu sibangungile nezazimthetho ziqagulisana nabo. Isixuku sathi singambona uJesu samangala, sagijima saqonda kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Yini eniphikisana ngayo nabo na?” Omunye wesixuku wamphendula, wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya wobumungulu. Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.” UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?” Wathi: “Kusukela isengumntwana. Lo moya usuyiphonse kaningi emlilweni nasemanzini ukuba uyibhubhise, kodwa uma unamandla okwenza okuthile, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uthi: ‘Uma unamandla!’ Konke kuyenzeka kulowo okholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.” Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamphakamisa; wayesesukuma. Sebengenile endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese, bathi: “Kungani thina sehlulekile ukuwukhipha na?” UJesu wathi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.”

NgokukaMarku 9:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla.” Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu. Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu. Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.” Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo. Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo. Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?” Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.” Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?” Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.” UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.” Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”

NgokukaMarku 9:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)