U-Esteri 9:20-22
U-Esteri 9:20-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze. Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke. Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.
U-Esteri 9:20-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMoridekayi waziloba lezo zindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, abaseduze nabakude, ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.
U-Esteri 9:20-22 New International Version (NIV)
Mordecai recorded these events, and he sent letters to all the Jews throughout the provinces of King Xerxes, near and far, to have them celebrate annually the fourteenth and fifteenth days of the month of Adar as the time when the Jews got relief from their enemies, and as the month when their sorrow was turned into joy and their mourning into a day of celebration. He wrote them to observe the days as days of feasting and joy and giving presents of food to one another and gifts to the poor.