U-Esteri 9:20-22

U-Esteri 9:20-22 ZUL20

UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze. Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke. Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo