U-Esteri 9

9
AbaJuda Babhubhisa Izitha Zabo
1 Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo. 2 Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu. 3 Bonke ababusi bezifundazwe, iziphathimandla, izikhulu, ababusi nabaphathi benkosi beseka abaJuda, ngokuba nabo base bengenwe ngukwesaba uMoridekhayi. 4 UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla. 5 AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.
6Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulala amadoda angama-500. Babulala namadodana alishumi kaHamani, indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda: 7uPharishandatha, uDalifoni, u-Ashiphatha, 8uPhoratha, u-Adaliya, u-Aridathi, 9uPharimashitaha, u-Arisayi, u-Aridayi noVayizatha. 10 Nokho awazange athathe mpango.
11Ngalolo lusuku, umbiko ngenani lalabo ababebulewe enhlokomuzi iShushani, wethulelwa inkosi, 12 yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.”
13 U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”
14Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka. 15AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango.
16AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango. 17Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo.
U-Esteri NoMoridekhayi Baqinisekisa Umthetho WePhurimi
18Kepha abaJuda ababehlala eShushani bahlangana ngomhla zili-13, nangomhla zili-14, baphumula mhla zili-15, lolo suku balwenza usuku lwedili nentokozo. 19 Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.
20UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze. 21Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke. 22Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu. 23AbaJuda bakwemukela lokho abase bekuqalile nalokho uMoridekhayi ayebabhalele khona. 24 UHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi oyisitha sabo bonke abaJuda, wenza unkatho okuthiwa “yiPhure” ehlose ngalo ukubenza okubi, nokubabhubhisa, 25 kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka. 26Yingakho lezo zinsuku zabizwa ngokuthi “yiPhurimi” kususelwa egameni elithi: “iPhure.”
Ngenxa yezincwadi zikaMoridekhayi nangenxa yakho konke okwabehlela, 27 abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi. 28Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.
29 Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo. 30 Izincwadi zathunyelwa kubona bonke abaJuda ababesezifundazweni eziyi-127 zombuso wenkosi u-Ahasheveroshi, bebafisela ukuthula nokuvikeleka, 31 futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila. 32Umyalo ka-Esteri wayiqinisekisa imithetho yePhurimi, yabhalwa phansi emqulwini.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Esteri 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo