KwabaseRoma 5:18-21
KwabaseRoma 5:18-21 CZB24
Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo. Ngokuba njengalokho ngokungalaleli komuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi; ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.





