KwabaseRoma 5:18-21 - Compare All Versions
KwabaseRoma 5:18-21 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo. Ngokuba njengalokho ngokungalaleli komuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi; ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 5:18-21 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye, kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga, kwaba khona ukulungisiswa kokuphila kubantu bonke. Ngokuba ngokungalaleli kwamuntu munye, abaningi benziwa izoni; kanjalo ngokulalela kwamuntu munye, abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele, ukuze njengalokhu isono sabusa ngokufa, kanjalo nomusa ubuse ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Khristu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 5:18-21 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke; ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo. Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi, ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.
KwabaseRoma 5:18-21 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)