KwabaseFilipi 2:14-16

KwabaseFilipi 2:14-16 CZB24

Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana; ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni; nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.