Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene. Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi. UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu. Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise. Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na? Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka. Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Sebewelile, bafika ezweni laseGenesaretha. Kwathi emazi amadoda akuleyondawo, athumela kulo lonke lelo zwe langakhona, aletha kuye bonke ababegula. Bamncenga ukuthi bathinte nje umphetho wengubo yakhe
Funda Mathewu 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 14:22-36
5 Days
At a time when fear is gripping many hearts – even the hearts of those who believe in Jesus – it’s time to take a stand. It’s time to be bold in our faith, to shine the light of Jesus’ love into the hearts of those around us. Join Christianityworks’ Berni Dymet as he opens God’s Word to allow the Holy Spirit to breathe a quiet confidence within you.
7 Days
Don’t let fear keep you from experiencing the vibrant life divinely destined for you! Instead, explore through Nicole Reyes’ daily devotional biblical accounts of those who dared to fearlessly trust God. You will discover a more authentic, resilient, and above all, daring faith!
10 Days
The strategy of the enemy is to put distance between us and the people we love the most, one offense at a time. UnOffendable is an outline of how God can use the things in life that have hurt us the most, to shape our confidence and help us become the people we’ve always wanted to be. Being unoffendable isn’t about never getting offended. It’s about not staying offended.
14 Days
We've all either been through one of life’s storm, are in the middle of a storm right now, or will face one of life’s storms in the near future. This 14-day devotion will remind you that Jesus is in control of every storm. Because images are the language of the 21st Century”, each devotion uses original photos to explain the devotion and deepen its impact.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo