Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho. Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba. UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” UPhethro wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe ngempela, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu. Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” Sebegibele esikebheni, umoya wathula. Ababesesikebheni bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.” Sebewelele ngaphesheya, bafika eGenezaretha. Kwathi ukuba amadoda akuleyo ndawo ambone, athumela izigijimi kulo lonke izwe; baletha kuye bonke abagulayo. Bamnxusa ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthintayo baphiliswa.
Funda NgokukaMathewu 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 14:22-36
5 Days
At a time when fear is gripping many hearts – even the hearts of those who believe in Jesus – it’s time to take a stand. It’s time to be bold in our faith, to shine the light of Jesus’ love into the hearts of those around us. Join Christianityworks’ Berni Dymet as he opens God’s Word to allow the Holy Spirit to breathe a quiet confidence within you.
7 Days
Don’t let fear keep you from experiencing the vibrant life divinely destined for you! Instead, explore through Nicole Reyes’ daily devotional biblical accounts of those who dared to fearlessly trust God. You will discover a more authentic, resilient, and above all, daring faith!
10 Days
The strategy of the enemy is to put distance between us and the people we love the most, one offense at a time. UnOffendable is an outline of how God can use the things in life that have hurt us the most, to shape our confidence and help us become the people we’ve always wanted to be. Being unoffendable isn’t about never getting offended. It’s about not staying offended.
14 Days
We've all either been through one of life’s storm, are in the middle of a storm right now, or will face one of life’s storms in the near future. This 14-day devotion will remind you that Jesus is in control of every storm. Because images are the language of the 21st Century”, each devotion uses original photos to explain the devotion and deepen its impact.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo