Mathewu 13:44-53
Mathewu 13:44-53 CZB24
Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle; Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala. Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho.



