NgokukaMathewu 13:44-53
NgokukaMathewu 13:44-53 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle; Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo; Lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kodwa ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo; zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. UJesu wathi kubo: Senikuqondile konke lokhu na? Bathi kuye: Yebo, Nkosi. Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala. Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho.
NgokukaMathewu 13:44-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amapharele amahle; kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge. “Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi. Kuthe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, bakhetha ezinhle, bazifaka ezitsheni, kwathi ezimbi bazilahla. Kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. Kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi kwabalungileyo. Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile yini konke lokhu na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi lapho uJesu eseqedile ukukhuluma ngemizekeliso, wasuka lapho.
NgokukaMathewu 13:44-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. “Nikuqondile konke lokho na?” Bathi kuye: “Yebo.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.” Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.
NgokukaMathewu 13:44-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)