Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngikuqokile ukuba ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, Yena ophilisa abafileyo, nobiza okungekho kube sengathi kukhona, owathi kungekho themba, waba nethemba, wakholwa ukuthi uzakuba nguyise wezizwe eziningi, njengokuba kwashiwo ukuthi: “Luyakuba njalo ulibo lwakho.” Akabanga buthakathaka ekukholweni nalapho esewubona umzimba wakhe obusufile, eneminyaka engaba yikhulu, nesibeletho sikaSara sesifile. Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye, kwaba ngukulunga. Lokho akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.
Funda KwabaseRoma 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 4:16-25
16 Days
There are five essentials you have to have in life in order to really live. Join Pastor Rick for this series as he digs deep into why you need power to live on, people to live with, principles to live by, a plan to live out, and a purpose to live for.
Considered one of the most theologically rich books of the New Testament, Romans is a treatise on the theology of salvation. Beginning with the hopelessness of our sin-filled state, Paul shows how God provides righteousness to His people through Jesus Christ. In Romans, we are reminded that justification does not come from status or moral achievement but from belief in the substitutionary death and glorious resurrection of Jesus Christ.
24 Days
The birth of Christ, His advent, marks God's ultimate plan for our redemption. In Christ, we see the fullest picture of God's hope, peace, joy and love. God's Word is the truth by which we know and walk with Him daily. It is our hope that this guide will encourage and facilitate personal time spent in the Word and provide a resource for families with children to do that together.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo