KwabaseRoma 3

3
UmJuda Ubedlula Ngani Abanye?
1Ngabe umJuda ubedlula ngani abanye na? Ngabe ubedlula ngokuthi usokile na? 2 Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.
3 Kungani pho abanye bengakholwanga na? Ukungakholwa kwabo akukwenzanga ukwethembeka kukaNkulunkulu ize na? Ngabe kunjalo na? 4 Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,
unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, pho siyakuthini na? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu kalungile ngokuba ethululele ulaka lwakhe phezu kwethu na? Ngikhuluma njengomuntu. 6 Makungabi njalo neze, ngokuba uma kunjalo, uNkulunkulu angawehlulela kanjani umhlaba na? 7Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu livama ngenxa yamanga ami, kube yinkazimulo kuye, pho ngisahlulelelwani mina njengesoni na? 8 Kungani kungashiwo njengokuba abanye bekhuluma kabi ngathi, bethi: masenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukwehlulelwa kwabo kubafanele.
Akukho Namunye Olungileyo
9 Singabuye sithini na? Sibadlula ngani na? Ngalutho, ngokuba sesivele sahlulele ukuthi bonke abaJuda namaGriki baphansi kwamandla esono, 10 njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Akekho olungileyo, akekho noyedwa;
11akekho onokuqonda,
akekho ofuna uNkulunkulu;
12bonke baphambukile,
baphenduka into engenamsebenzi walutho;
akekho namunye owenza okuhle,
akukho noyedwa vo.
13 Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo,
bayakhohlisa ngezilimi zabo,
isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;
14 umlomo wabo ugcwele iziqalekiso nobuthi;
15 izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi,
16incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,
17abayazi indlela yokuthula.
18 Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.”
19 Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu. 20 Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono.
Umuntu Ulungisiswa NgoJesu Khristu
21 Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, 22 ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. 23 Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. 24 Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, 25 ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, 26ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.
27 Ngakho-ke kuphi ukuzigabisa na? Akukho nhlobo. Ngenxa yamuphi umthetho na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa. 28 Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa, ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. 29Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi, 30 njengalokhu emunye uNkulunkulu oyakulungisisa abasokileyo nabangasokile ngokukholwa. 31 Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo