KwabaseRoma 15

15
Abanamandla Mabasize Ababuthakathaka
1 Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina. 2 Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe; 3 ngokuba noKhristu akazithokozisanga Yena, kodwa njengokulotshiwe ukuthi: “Inhlamba yabakuthukayo yehlela phezu kwami.”
4 Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.
5 Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu, 6 ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.
Bonke Mabaphathane Ngomoya KaKhristu
7 Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu. 8 Ngokuba ngithi, uKhristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho; 9 nabezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Ngakho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,
ngihubele igama lakho;”
10 aphinde athi:
“Jabulani, nina bezizwe nikanye nesizwe sakhe,”
11 nokuthi:
“Dumisani iNkosi, nina bezizwe nonke,
niyibabaze, nina bantu bonke.”
12 U-Izaya ubuye athi:
“Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi,
eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe;
abezizwe bayakwethembela kuye.”
13Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
UPawula Uchaza Umsebenzi Wakhe
14 Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana. 15 Nokho nginilobela kokunye ngesibindi ukuze nginikhumbuze ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu, 16 ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.
17 Ngakho-ke ngiyazigabisa kuKhristu uJesu mayelana nokukaNkulunkulu, 18 ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo, 19 ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo. 20 Ngokwenza kanjalo ngangihlose ukushumayela lapho uKhristu ayengakaziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye. 21 Kepha njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Abangatshelwanga ngaye,
bayakubona; nabangezwanga, bayakuqonda.”
UPawula Ukhuluma Ngokuya ERoma
22 Ngenxa yalokho, ngathiyeka kaningi ukuba ngize kini. 23 Kepha manje, njengokuba ngingasenayo indawo kula mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, 24 ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani. 25 Kepha okwamanje ngisaya eJerusalema ukuyokhonza abangcwele. 26 Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakhedoniya nabase-Akhaya ukuba banikelele abampofu okuthile kwabangcwele baseJerusalema. 27 Lokho kwabajabulisa; phela kwakudingekile ngempela ukuba benze kanjalo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, nabo kufanele ukuba babakhonze ngezinto eziphathekayo. 28Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule kini, ngiye eSpaniya. 29 Ngiyazi ukuthi lapho ngiza kini, ngizakufika nokugcwala kwesibusiso sikaKhristu.
30 Ngiyanincenga manje, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Khristu nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nibambisane nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, 31 ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele, 32nokuthi ngize ngifike kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. 33 UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo