AMahubo 42

42
INCWADI YESIBILI
AMah. 42 – 72
Ukulangazelela UNkulunkulu Nendlu Yakhe
Kumholi wokuhlabelela. IMaskili lamadodana kaKhora
1Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,
kanjalo umphefumulo wami
ulangazelela Wena Nkulunkulu.
2Umphefumulo wami womele uNkulunkulu,
uNkulunkulu ophilayo,
ngiyakufika nini ngibonakale phambi
kukaNkulunkulu na?
3Izinyembezi zami zingukudla kwami
imini nobusuku,
ngokuba usuku lonke bathi kimi:
“Uphi uNkulunkulu wakho na?”
4Ngiyakukhumbula lokhu,
ngithulule umphefumulo wami
phakathi kwami,
njengalokhu ngangihamba esixukwini
ngiya naso endlini kaNkulunkulu
ngenhlokomo yokwethaba nokubonga,
ibandla ligubha umkhosi.
5Mphefumulo wami, kungani udangele,
uyaluza ngaphakathi kimi na?
Themba uNkulunkulu,
ngokuba ngisazomdumisa
ngokusindisa kobukhona bakhe.
6Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele
ngaphakathi kimi;
ngizokukhumbula eJordani naseHermoni
nasentabeni iMizari.
7Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho,
utwa luyenanelana,
wonke amadlambi namaza akho,
kudlange kwangaphezu kwami.
8Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe,
ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,
ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.
9Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami:
“Ungikhohlweleni na?
Ngihambelani ngilila,
ngicindezelwe yisitha na?”
10Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,
nxa izitha zami zingiklolodela,
zithi kimi usuku lonke:
“Uphi uNkulunkulu wakho na?”
11Mphefumulo wami, kungani udangele,
uyaluza ngaphakathi kwami na?
Themba uNkulunkulu,
ngokuba ngisazomdumisa
ngokusindisa kobukhona bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 42: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo