AMahubo 36

36
Ukonakala Komuntu Nomusa KaSimakade
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaSimakade
1Isiphambeko sithi komubi,
ekujuleni kwenhliziyo yaso:
“Akukho ukwesaba uNkulunkulu
phambi kwamehlo akhe.”
2Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamyenga,
ukuze kungafunyanwa okumenza azondwe.
3Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso,
ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.
4Ulele ecansini, uceba ububi,
uzimisele ngendlela engalungile,
akakwenyanyi okubi.
5Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini,
ukwethembeka kwakho kufika emafwini.
6Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu,
ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile.
Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.
7Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu!
Bonke abantu baphephela
phansi komthunzi wamaphiko akho.
8Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho,
ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.
9Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe,
ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.
10Mawuqhubeke njalo umusa wakho
kulabo abakwaziyo,
nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.
11Unyawo lozidlayo lungifihlize,
noma isandla somubi singixoshe.
12Bheka, abenzi bobubi bawile,
baqunjwe phansi, abaseyukuvuka.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 36: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo