AMahubo 132

132
Isithembiso SikaDavide Ngendawo Yokuphumula KaSimakade
Ihubo lokukhuphuka
1Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide,
zonke izinhlupheko zakhe.
2Wafunga kuSimakade,
wenza isithembiso kuye
onguMninimandla kaJokobe, wathi:
3“Angiyukungena ethendeni lendlu yami,
angiyukugibela embhedeni wami,
4angiyukuwanika amehlo ami ubuthongo,
nezinkophe zami, ukozela;
5ngingakamtholeli uSimakade indawo,
indlu yonguMninimandla kaJakobe.”
6Sizwile ngakho sise-Efratha,
sakuthola emasimini eJari.
7“Masingene endlini yakhe,
sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8Sukuma, Simakade,
uye endaweni yakho yokuphumula,
Wena nomphongolo wamandla akho.
9Abaphristi bakho mabembeswe ukulunga,
abethembekileyo bakho bathokoze.”
10Ngenxa yenceku yakho uDavide
mawungabufulathelisi ubuso bakho
kogcotshiweyo wakho.
11USimakade wafunga kuDavide,
iqiniso angayukuguquka kulo, wathi:
“Ovela okhalo lwakho
ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12Uma abantwana bakho
besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami
engiyobafundisa bona,
impela abantwana babo
bayohlala esihlalweni sakho
kuze kube phakade.”
13USimakade uqoke iZiyoni,
ulithandile ukuba libe
yindawo yakhe yokuhlala, wathi:
14“Nansi indawo yami yokuphumula
kuze kube phakade,
ngizohlala kuyo,
ngokuba yiMina engiyithandile.
15Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo,
abantulayo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16Abaphristi ngiyobembesa insindiso,
abethembekileyo bayohlokoma ngenjabulo.
17“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,
ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo,
kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 132: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo