AMahubo 128

128
Isibusiso Sowesaba USimakade
Ihubo lokukhuphuka
1Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade,
ohamba ngezindlela zakhe.
2Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.
3Umkakho uyakuba njengomvini othelayo
emzini wakho,
abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,
bahlale bazungeze itafula lakho.
4Ngokuba iyobusiswa kanjalo indoda
emesabayo uSimakade.
5Sengathi uSimakade angakubusisa eseZiyoni,
ubone impumelelo yeJerusalema,
zonke izinsuku zokuphila kwakho,
6ubone abantwana babantwana bakho.
Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 128: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo