AMahubo 107

107
INCWADI YESIHLANU
AMah. 107 – 150
Ukubonga Ukuhlengwa NguSimakade
1Bongani uSimakade ngokuba muhle,
umusa wakhe umi ingunaphakade.
2Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo,
labo abahlenge esandleni sesitha,
3wabaqoqa emazweni,
kusukela empumalanga,
entshonalanga,
enyakatho, nasolwandle.
4Bazulazula ehlane,
abaze bayithola indlela yokuya emzini
ababezohlala kuwo.
5Belambile futhi bomile,
imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla.
6Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo,
wayesebakhulula ezinsizini zabo.
7Wabahola ngendlela eqondileyo
ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.
8Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe
nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
9Ngokuba Yena usuthise
umphefumulo olangazelelayo,
nenhliziyo elambileyo wayigcwalisa ngokuhle.
10Labo ababehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa,
bekhungethwe wusizi nenhlupheko,
11ngokuba baphambana namazwi kaNkulunkulu,
basidelela iseluleko soPhezukonke.
12Inhliziyo yabo wayithobisa ngokuhlupheka,
bawa, kepha akubanga bikho obasizayo.
13Ekuhluphekeni kwabo bakhala kuSimakade,
Yena wabakhulula ezinsizini zabo.
14Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa,
wagqabula izibopho zabo.
15Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe
nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
16Ngokuba wephule amasango ethusi,
wanquma imigoqo yensimbi.
17Babe yiziwula ngenxa yeziphambeko zabo
nangenxa yobubi babo, bahlushwa.
18Inhliziyo yabo yenyanya konke ukudla,
basondela emasangweni okufa.
19Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo,
wayesebakhulula ezinsizini zabo.
20Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa,
wabahlenga emathuneni abo.
21Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe,
nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
22Mabanikele iminikelo yokubonga,
balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23Abanye behlela olwandle ngemikhumbi,
bahwebelana emanzini amaningi.
24Labo bayibona imisebenzi kaSimakade
nezimangaliso zakhe ekujuleni,
25ngokuba wakhuluma,
wavusa umoya wesiphepho
owaphakamisa amadlambi olwandle.
26Bakhuphukela emazulwini,
babuye behlela ezinzulwini zolwandle,
umphefumulo wadangala ngenxa yosizi.
27Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo,
konke ukuhlakanipha kwabo kwaphela nya.
28Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo,
wayesebakhulula ezinsizini zabo.
29Wathulisa isiphepho, kwathula du,
kwathula namadlambi olwandle.
30Base bethokoza,
ngokuba kwaba ngukuthula,
wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe
nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.
32Mabamphakamise ebandleni labantu,
bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33Imifula wayiphendula ihlane,
nemithombo yamanzi, isigagadu,
34nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti
ngenxa yobubi yababehleli kulo.
35Ihlane waliphendula amachibi amanzi,
nomhlabathi owomileyo,
imithombo yamanzi.
36Wabahlalisa khona abalambileyo,
bakha khona umuzi, bahlala kuwo.
37Balima amasimu, batshala isivini,
kwabathelela izithelo.
38Wababusisa, banda kakhulu,
akaze ayinciphisa imfuyo yabo.
39Babuye bancipha,
bathotshiswa ngokucindezelwa,
ngezinkathazo nangosizi.
40Izikhulu wazithela ngendelelo,
wabazulazulisa ehlane kungenandlela.
41Kepha owentulayo, wamtakula osizini,
imindeni yabo wayenza yaba njengomhlambi.
42Olungileyo uyokubona lokho, ajabule,
bonke ububi buvale imilomo yabo.
43Ngubani ohlakaniphileyo na?
Makakuqaphelisise lokhu;
bawuqonde umusa kaSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 107: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo