IZaga 29

29
Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (5)
1 Umuntu othi esolwa abe nenkani,
uyochotshozwa ngokuphazima kweso,
akayukuhlengwa muntu.
2 Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,
kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.
3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,
kepha ongumngani wezifebe
usaphaza imfuyo yakhe.
4 Inkosi iyalimisa izwe layo ngobulungiswa;
umuntu olithelisayo ulicekela phansi.
5 Umuntu oyenga umakhelwane wakhe
wendlala inetha ezinyaweni zakhe.
6 Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi,
kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.
7 Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu,
kodwa omubi akaqondi lutho.
8 Izedeleli ziyawushisa umuzi,
kodwa abalungileyo bayaludambisa ulaka.
9 Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula
siyadlova, sihleke,
kungabi bikho ukuthula.
10 Abantu abathanda ukuchitha igazi
bayabazonda abamsulwa,
kodwa abaqotho bayakuvikela
ukuphila kwakhe.
11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla
kuze kube sekugcineni.
12 Uma umbusi elalela indaba yamanga,
zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.
13 Ompofu nocindezelayo bayafana;
nguSimakade owenza
ukuba bobabili amehlo abo abone.
14 Inkosi eyehlulela abampofu ngeqiniso,
isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15 Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha,
kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.
16 Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko,
kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.
17 Yiyale indodana yakho,
khona iyokuphumuza,
yebo, iwuthokozise umphefumulo wakho.
18 Lapho kungekho mbono khona,
abantu baba wumhlambi kazalusile,
kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.
19Inceku ayisolwa ngamazwi nje,
ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.
20 Uyambona umuntu oshesha ukukhuluma,
ungcono umuntu oyisiwula kunaye.
21Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni,
isiphetho sayo siyoba sibi.
22 Umuntu onolaka udala ingxabano,
nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.
23 Impakamo yomuntu iyomqumba phansi,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24 Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;
uzwa isifungo esibi ngomunye,
kepha angasidaluli.
25 Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe,
kepha owethemba uSimakade uyalondeka.
26 Abaningi bafuna umusa wombusi,
kepha ukwehlulelwa komuntu
kuvela kuSimakade.
27 Umuntu ongethembekile uyisinengiso kwabalungileyo,
nohamba ngobuqotho uyisinengiso kokhohlakele.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 29: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo