IZaga 27:23-27

IZaga 27:23-27 ZUL20

Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlanjini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na? Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha, bese kukhiwa imifino ezintabeni, izimvu zingezokuba wembathe, nezimbuzi ukuba zibe yintengo yensimu. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele, ukuba lube ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, kwamantombazana akho.

Funda IZaga 27