I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

IzAga 27:23-27

IzAga 27:23-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlanjini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na? Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha, bese kukhiwa imifino ezintabeni, izimvu zingezokuba wembathe, nezimbuzi ukuba zibe yintengo yensimu. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele, ukuba lube ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, kwamantombazana akho.

Dlulisela
Funda IzAga 27

IzAga 27:23-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na? Lapho utshani bumuka, nohlaza lubonakala, nemifino yezintaba ibuthwa, kukhona izimvu zokuba wembathe, nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, nokuphila kwamantombazana akho.

Dlulisela
Funda IzAga 27

IzAga 27:23-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khuthalela ukwazi isimo somhlambi wakho, uzinakekele kahle izinkomo zakho. Ngokuba ingcebo ayihlali phakade, nomqhele ungahlala ezizukulwaneni ngezizukulwane na? Kuvela utshani, kubonakale utshani obuthambile, nemifino yasezintabeni iyabuthwa. Amawundlu ayizingubo zakho, nezimbuzi ziyintengo yensimu. Kumelwe ube nobisi lwezimbuzi olwanele ukudla kwakho, nokudla kwendlu yakho nokondla izincekukazi zakho.

Dlulisela
Funda IzAga 27
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo