IZaga 21

21
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (12)
1 Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi
esandleni sikaSimakade,
uyiphendula iye noma kuphi
lapho ethanda khona.
2 Zonke izindlela zomuntu
zimsulwa emehlweni akhe,
kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhliziyo.
3 Ukwenza ukulunga nobulungiswa
kuyathandeka kuSimakade,
ngaphezu kwemihlatshelo.
4 Amehlo aziqhenyayo,
inhliziyo eqhoshayo,
nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.
5 Izinhlelo zokhutheleyo ziholela enzuzweni,
kodwa wonke ophangisayo
ziyomyisa ebuphofini bodwa.
6 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga
kuyize elidlula njengomhwamuko
nanjengezingibe zokufa.
7 Ubudlova bezikhohlakali buzishonisa phansi,
ngoba zenqaba ukwenza ubulungiswa.
8 Indlela yonecala igwegwile,
kodwa inkambo yolungileyo iqondile.
9 Kungcono ukukhosela ekhoneni lophahla,
kunokuhlala ndlininye nowesifazane onothuthuva.
10 Umphefumulo wesikhohlakali ufisa okubi;
umakhelwane waso
akafumani sisa emehlweni aso.
11 Lapho isedeleli sijeziswa,
ongenalwazi uyahlakanipha,
nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,
uthola ulwazi.
12 Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi;
izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.
13 Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu,
naye uyokhala angaphendulwa.
14 Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka,
nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni
uyayidambisa intukuthelo enkulu.
15 Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ubulungiswa,
kepha kuyimbubhiso kwabenza inkohlakalo.
16 Umuntu oweduka endleleni yokuhlakanipha
uyakuphumula ebandleni labafileyo.
17 Othanda injabulo uyakuba mpofu,
nothanda iwayini namafutha akayukuceba.
18 Isikhohlakali siyinhlawulo kolungileyo,
kanjalo nombuluzayo, esikhundleni soqotho.
19 Kungcono ukuhlala ezweni eliyihlane,
kunokuhlala nowesifazane onochuku nonolaka.
20 Kukhona ingcebo enxanelekayo
namafutha endlini yohlakaniphileyo,
kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21 Olandela ukulunga nokwethembeka
ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.
22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,
ayiwise inqaba athembele kuyo.
23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe
ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24 Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe,
yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.
25Isifiso sevila siyalibulala,
ngokuba izandla zalo
ziyenqaba ukusebenza.
26 Onomhobholo ufisa usuku lonke,
kepha olungileyo uyapha,
angagodli lutho.
27 Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso;
kakhulu kangakanani-ke
uma ulethwa ngenhloso embi.
28 Ufakazi wamanga uyakubhujiswa,
kepha umuntu olalelayo angakhuluma njalo.
29 Umuntu okhohlakele uqinisa ubuso,
kepha oqotho uyayinaka indlela yakhe.
30 Akukho ukuhlakanipha,
akukho ukuqonda,
asikho iseluleko,
okungamelana noSimakade.
31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,
kepha ukunqoba kungokukaSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo