IZaga 19

19
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (10)
1 Ungcono umuntu ompofu
ohamba ngobuqotho,
kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.
2Futhi akukuhle ukuba umuntu
angabi nalwazi;
oshesha ngezinyawo uyaduka.
3 Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe,
kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.
4 Ingcebo ikwenza ube nabangani abaningi,
kodwa ompofu ulahlwa
nangabangani bakhe.
5 Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa,
nophafuza amanga akayukuphunyuka.
6 Baningi abazincengela ezikhulwini;
bonke bafuna ukuba ngumngani
womuntu ophanayo.
7 Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe;
kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe?
Bayaziqhelelanisa naye;
noma efuna ukukhuluma nabo,
abatholwa ndawo.
8 Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ukuqonda, ufumana okuhle.
9 Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa,
nophafuza amanga uyobhubha.
10 Ukutamasa akusifanele isiwula,
kakhulu kangakanani-ke
ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu?
11 Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela;
kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12 Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama,
kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.
13 Indodana eyisiwula, iyinhlupheko kuyise,
nomfazi ohlala ethetha uyiphela endlebeni.
14 Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali,
kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.
15 Ubuvila buletha ubuthongo obunzima;
oyivila uyobulawa yindlala.
16 Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17 Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade;
uyakuthola umvuzo.
18 Yiyale indodana yakho lisekhona ithemba;
ungayifiseli ukuba ife.
19Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa;
uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.
20 Yizwa iseluleko,
wemukele ukuqondiswa,
ukuze ekugcineni uhlakaniphe.
21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
22 Okulangazelelwa ngumuntu ngukuba athembeke;
kungcono ukuba mpofu
kunokuba ube ngumuntu wamanga.
23 Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni;
onakho uhlala enelisiwe,
akehlelwa ngokubi.
24 Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25 Sishaye isedeleli
ukuze ongenalwazi abe nokuqonda;
msole ohlakaniphileyo, uyakuzuza ulwazi.
26 Ohlukumeza uyise noxosha unina,
uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27 Ndodana yami,
uma uyeka ukulalela ukuyalwa,
uyakuduka emazwini okwazi.
28 Ofakaza okuyize wedelela umthetho;
umlomo wezikhohlakali ugwinya inkohlakalo.
29 Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli,
nemivimbo, umhlane weziwula.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo