Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela. Kwathi uJesu ehleli esidlweni endlini, kwase kufika abathelisi abaningi nezoni, bahlala, badla naye nabafundi bakhe. AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela. Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.” Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?” UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona. Akekho ochibiyela ngendwangu entsha engutsheni endala, ngokuba isichibi sizoyiklebhuka ingubo endala, bese imbobo yanda kakhulu. Newayini elisha alithelwa ezimvabeni ezindala, funa izimvaba zidabuke, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale. Kepha iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kokubili kulondeke.”
Funda NgokukaMathewu 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 9:9-17
14 Days
Dive deeper. Swim farther. This 14 day reading plan for teens helps take your spirituality to the next level. You will have the opportunity to dive into God's Word and be challenged through daily devotionals along the way.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo