NgokukaMathewu 9:9-17
NgokukaMathewu 9:9-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esadlula lapho uJesu wabona indoda, igama layo linguMathewu, ihlezi endaweni yokuthela, wathi kuyo: “Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela. Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abathelisi abaningi nezoni, bahlala naye nabafundi bakhe. Kwathi abaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: Kungani umfundisi wenu esidla labathelisi lezoni? Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo. Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke. Khona beza kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila kaningi, kepha abafundi bakho abazili na? UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila. Akakho obekela isiziba sendwangu entsha engutsheni endala; Kanjalo kabatheli iwayini elitsha ezimvabeni ezindala; funa izimvaba ziyaphuka, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale
NgokukaMathewu 9:9-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela. Kwathi uJesu ehleli esidlweni endlini, kwase kufika abathelisi abaningi nezoni, bahlala, badla naye nabafundi bakhe. AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela. Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.” Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?” UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona. Akekho ochibiyela ngendwangu entsha engutsheni endala, ngokuba isichibi sizoyiklebhuka ingubo endala, bese imbobo yanda kakhulu. Newayini elisha alithelwa ezimvabeni ezindala, funa izimvaba zidabuke, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale. Kepha iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kokubili kulondeke.”
NgokukaMathewu 9:9-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela. Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.” Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila. Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”
NgokukaMathewu 9:9-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)