NgokukaMathewu 7

7
Ukuqhubeka Nokuphela Kwentshumayelo Yasentabeni
Ukwehlulela Abanye
1 “Ningahluleli ukuze nani ningahlulelwa. 2 Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.
3“Kungani ubona uthi olusesweni lomfowenu, kepha ube ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na? 4Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho;’ kube kukhona ugongolo kwelakho iso na? 5Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, yikhona-ke uzakubonisisa kahle ukuze ukhiphe uthi olusesweni lomfowenu.
6“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.
Ukucela, Ukufuna, Nokungqongqoza
7 “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. 8Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
9“Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe, 10noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? 11Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye! 12 Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.
13 “Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona. 14Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
Umuthi Omuhle Nomubi
15 “Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. 16Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? 17 Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. 18Umuthi omuhle awukwazi ukuthela izithelo ezimbi, nomuthi omubi ngeke uthele izithelo ezinhle. 19 Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. 20 Kanjalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
Mayelana Nabenzi Bokubi
21 “Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini. 22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’ 23 Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
Ukwakha Kwendoda Ehlakaniphileyo Neyisiwula
24“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. 25Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni. 26Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini. 27Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”
28 Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe, 29ngokuba wayebafundisa njengonegunya, kungenjengezazimthetho zabo.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo