NgokukaMathewu 4

4
Ukulingwa KukaJesu
(Mak. 1:12; Luk. 4:1)
1 UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2 Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba. 3 Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”
4 Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5 USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6 wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Uyakuyala izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla,
funa unyawo lwakho luqhuzuke etsheni.’ ”
7 UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo; 9wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma ungikhothamela, ukhuleke kimi.”
10 UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”
11 USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza.
UJesu Uqala Ukushumayela EGalile
(Mak. 1:14; Luk. 5:1)
12 Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile. 13 Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali 14ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi:
15 “Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali
elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani,
iGalile labezizwe;
16isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu;
nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa,
ukukhanya kubakhanyisele.”
17 Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18 Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. 19Wathi kubo: “Wozani, ngilandeleni; ngiyakunenza abadobi babantu.”
20Bashiya amanetha abo ngokushesha, bamlandela.
21 Esedlulele phambili, wahlangana nezelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besesikebheni noyise uZebedewu, belungisa amanetha abo; wababiza. 22Base beshiya masinyane isikebhe noyise, bamlandela. 23 Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24 Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa. 25 Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo