NgokukaMathewu 1

1
Izizukulwane ZikaJesu
(Luk. 3:23)
1 Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.
2 U-Abhrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; 3 uJuda wazala uFaresi noZara kuThamari; uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu, 4u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; 5 uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi; 6 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; 7 uSolomoni wazala uRehobhowamu, uRehobhowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; 8 u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya; 9 u-Uziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Ahazi, u-Ahazi wazala uHezekiya; 10 uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; 11 uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni.
12 Kwathi sebethunjelwe eBhabhiloni; uJekhoniya wazala uSalithiyeli, uSalithiyeli wazala uZerubhabhele; 13uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi, u-Abhiyudi wazala u-Eliyakhimi, u-Eliyakhimi wazala u-Azori; 14u-Azori wazala uZadoki, uZadoki wazala u-Akhimi, u-Akhimi wazala u-Eliyudi; 15u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; 16 uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya; yena wazala uJesu okuthiwa uKhristu.
17 Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14.
Ukuzalwa KukaJesu
(Luk. 1:26; 2:1)
18 Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele. 19Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese.
20Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. 21 Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
22Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi: 23“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”
24UJosefa esevukile ebuthongweni, wenza njengalokhu imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe; 25 akazange alale naye, waze wazala indodana; wayiqamba igama wathi nguJesu.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo