UMalakhi 2

2
Ukuyalwa Kwabaphristi
1“Manje lo myalo uqondene nani baphristi. 2Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla. 3Niyabona-ke, ngiyakusola isizukulwane senu, ngithele umswane ebusweni benu, umswane wemikhosi yenu, niyiswe kude kanye nawo. 4Niyakukwazi ukuthi nginithumelele lo myalo ukuze kuqhubeke isivumelwano sami noLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.
5“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami. 6Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni. 7Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla. 8Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.
9“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”
Ukungethembeki Kwesizwe KuSimakade
10“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?
11“UJuda akathembekanga, kwenziwe okunyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indawo engcwele kaSimakade ayithandayo, uganwe yindodakazi kankulunkulu wabezizwe. 12Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.
13“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu. 14Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.
15“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.
16“USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.
Usuku Lokwehlulela Selusondele
17Nimkhathazile uSimakade ngamazwi enu.
Bese nithi: “Simkhathaze ngani na?”
Ngokukhuluma kwenu nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaSimakade; Yena uyathokoza ngabo,” noma nithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungiswa na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UMalakhi 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo