NgokukaLuka 8

8
UJesu Ushumayela Ngemifanekiso
(Mat. 13:1; Mak. 4:1)
1Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye. 2 Kwakukhona nabanye besifazane ababephulukiswe komoya ababi nasezifweni: kwakungoMariya obizwa ngoMagdalena, okwakuphume kuye amadimoni ayisikhombisa, 3uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho.
Umzekeliso Ngomhlwanyeli
4Kwabuthana ndawonye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, size kuye. Wayesekhuluma ngomzekeliso, wathi: 5“Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu. 6Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama. 7Enye yawela phakathi kwameva; akhula kanye nayo, ayiminyanisa. 8Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yamila, yathela izithelo ngekhulu.”
Washo lokhu, wayesememeza ethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
9Abafundi bakhe bambuza ukuthi uchazani lo mzekeliso na. 10Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.
UJesu Uchaza Umzekeliso Womhlwanyeli
11“Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. 12Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe. 13Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke. 14Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo. 15Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.
Isibani Phansi Kwesitsha
16 “Akekho othi angokhela isibani, bese esimboza ngesitsha noma asibeke phansi kombhede, kodwa usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. 17 Ngokuba akukho okufihliweyo okungayukuvela obala, nokuyisifuba okungayukudaluleka, kube sobala. 18Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.”
Izihlobo Eziyizo ZikaJesu
(Mat. 12:46; Mak. 3:31)
19Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. 20Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle, bafuna ukukubona.”
21Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abathi bangalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”
UJesu Uthulisa Isivunguvungu
(Mat. 8:23; Mak. 4:35)
22Kwathi ngolunye usuku uJesu wagibela esikebheni nabafundi bakhe, wayesethi kubo: “Ake siwelele ngaphesheya kolwandle.”
Basuka-ke. 23Besagwedla, bewelela ngaphesheya ngesikebhe, uJesu wazunywa ngubuthongo, walala. Kwase kuhlasela isivunguvungu somoya olwandle, isikebhe sagcwala amanzi, baze baba sengozini.
24Base besondela kuye, bamvusa bethi: “Nkosi, Nkosi, siyafa.”
Wavuka, wawukhuza umoya namagagasi agubhayo. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?”
Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?”
Ukukhishwa Kwamadimoni
(Mat. 8:28; Luk. 8:26)
26 Bafika ngesikebhe ezweni lamaGerasa, elimaqondana neGalile. 27Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. 28Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” 29ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. 30UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”
Wathi: “NginguLegiyona,”
ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. 31Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. 33Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza.
34Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. 35Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. 36Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. 37Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona.
38Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: 39“Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.”
Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona.
Ukuvuswa Kwendodakazi KaJayiru Nokusindiswa Kowesifazane
(Mat. 9:18; Mak. 5:21)
40Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. 41Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, 42ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa.
UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. 43Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. 44Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. 45UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?”
Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.”
46Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.”
47Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. 48 UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.”
49Esakhuluma uJesu, kwafika othile evela emzini womphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”
50UJesu emuzwa lowo, waphendula wathi kuye: “Ungesabi; kholwa kuphela; indodakazi izakusinda.”
51Sebefikile endlini yomphathi wesinagoge, akavumelanga muntu ukuba angene endlini naye, kuphela uPhethro, uJohane, uJakobe uyise nonina bentombazane. 52Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.”
53Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela. 54Kepha Yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!”
55Khona manjalo umoya wayo wabuyela kuyo, yavuka ngokushesha; wabayala ukuba bayinike ukudla. 56 Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo