Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile. Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama, ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”
Funda NgokukaLuka 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 17:11-18
4 Days
Gratitude turns what we have into enough. This four-day Bible Plan from Life.Church will help you discover a more grateful perspective. Start reading part two of the six-part Stay Positive series.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo