NgokukaLuka 17:11-18
NgokukaLuka 17:11-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwasekusithi ekuhambeni kwakhe eJerusalema, wadabula phakathi kweSamariya leGalili. Esangena emzaneni othile, kwamhlangabeza amadoda ayishumi anochoko, amela kude. Basephakamisa amazwi abo, bathi: Jesu, Nkosi, sihawukele! Ewabona wathi kuwo: “Hambani nizibonakalise kubapristi. Kwathi besahamba bahlanjululwa. Enye yawo isibonile ukuthi iphulukisiwe, yabuya, imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Wawa ngobuso ezinyaweni zakhe embonga; futhi yena wayengumSamariya. UJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? kodwa baphi abayisishiyagalolunye? Kabafunyanwanga ababuyela ukuzokhazimulisa uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wezizwe.
NgokukaLuka 17:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile. Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama, ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”
NgokukaLuka 17:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
NgokukaLuka 17:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)