ILevithikhusi 13

13
Imithetho Yochoko Kubantu Nasezingutsheni
1USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 2 “Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi. 3Umphristi uyosihlola isifo esisesikhumbeni sakhe; uma uboya obusebaleni sebuphenduke baba mhlophe, nesifo sibonakala ukuthi sijulile esikhumbeni sakhe, kuyisifo esinzima, umphristi uyakukubona lokho bese ememezela ukuthi ungcolile. 4Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa. 5Umphristi uyakumhlola ngosuku lwesikhombisa, uma ebona ukuthi isifo simile asiqhubeki, umphristi uyakumvalela okwesibili ezinye izinsuku eziyisikhombisa. 6Ngosuku lwesikhombisa uyakumhlola okwesibili, uma ibala lifiphele, nesifo singaqhubekanga, uyakumemezela ukuthi uhlambulukile, bekulutwayi, ageze izingubo zakhe, abe ngohlambulukile. 7Kepha uma utwayi luqhubekile lwanda esikhumbeni emveni kokuba esezibonakalisile kumphristi ukuze kuqiniswe ukuthi usehlambulukile, uyophinde azibonakalise kumphristi okwesibili. 8Umphristi uyakumbheka; uma ebona ukuthi utwayi lwandile esikhumbeni, uyakumemezela ukuthi ungcolile; kusho ukuthi unesifo sesikhumba esithathelanwayo.
9“Uma umuntu etheleleke ngesifo sochoko, uyakuyiswa kumphristi, 10 umphristi uyakumbheka, uma ebona ukuthi lapho isikhumba sivuvukele khona sekumhlophe, noboya sebuphenduke baba mhlophe nokuthi kukhona inyama ebomvu ekuvuvukeni; 11kusho ukuthi unesifo esinzima esithathelanwayo esisekhumbeni sakhe. Umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile, akayukumvalela, ngoba ungcolile.
12“Uma uchoko lubhebhetheka lusibekele sonke isikhumba sakhe, kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona komphristi, 13umphristi uyakumhlola, kuthi uma isifo sesiwemboze wonke umzimba, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile. 14Kepha njalo uma kuphinda kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile. 15Umphristi uyakuyihlola inyama ebomvu, bese ememezela ukuthi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile ngokuba inochoko. 16Uma-ke inyama ebomvu ibuye yaphenduka yaba mhlophe uyakuya kumphristi, 17umphristi uyakumhlola, uma ibala seliphenduke laba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile; obenesifo uhlambulukile.
18“Uma bekunethumba esikhumbeni sayo eselipholile, 19kuthi lapho bekunethumba khona kuvele iguludla elimhlophe, noma ibala elikhanyayo okubomvana kube mhlophe, liyakukhonjiswa umphristi, 20umphristi uyakulihlola, uma libonakala lishonile kunesikhumba, futhi noboya sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: yisifo esithathelanwayo, sivele ethumbeni. 21Uma umphristi elihlola kodwa bungekho uboya obumhlophe kulo, futhi lingashonile kunesikhumba, kepha selifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa. 22Uma libhebhetheka esikhumbeni, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo. 23Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni eyodwa lingaqhubeki, sekuyisibazi sethumba; umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile.
24“Uma umzimba unesibazi sokusha, inyama lapho kushe khona ibe yibala elibomvu ngokumhlophe noma elimhlophe, 25umphristi uyakulihlola, uma uboya obusebaleni elikhanyayo sebuphendukile baba mhlophe, selibonakala ukuthi lishonile kunesikhumba, isifo esithathelanwayo; sivele esibazini; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo. 26Kepha uma umphristi elihlola, ebona kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa. 27Ngosuku lwesikhombisa uyomhlola, uma libhebhethekile esikhumbeni, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo. 28Uma ibala elikhanyayo limi endaweni eyodwa, lingandanga esikhumbeni, kodwa lishabalele, kusele iguludla lesibazi; umphristi uyakusho ukuthi uhlambulukile, ngoba yisibazi sokusha.
29“Uma owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda, noma esilevini, 30umphristi uyakusihlola isifo; uma sibonakala sishonile kunesikhumba noboya bubuncane kuso, izinwele zimpofana, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: ngumuna, wuchoko lwekhanda noma lwesilevu. 31Uma umphristi esihlola isifo somuna, sibonakala singashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kuso, khona umphristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa. 32Ngosuku lwesikhombisa umphristi uyosihlola isifo; uma singandile futhi kungekho zinwele ezimpofu kuso, isifo sibonakala singashonile kunesikhumba, 33uyakuphuca izinwele, kodwa akayukuwuphuca umuna, umphristi uyomvalela onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa. 34Ngosuku lwesikhombisa uyomhlola onomuna. Uma umuna ungandanga esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile. Uyohlanza izingubo zakhe, ahlambuluke. 35Kepha uma umuna wandile esikhumbeni emveni kokuba esehlambulukile, 36umphristi uyobuye amhlole. Uma umuna ubhebhethekile esikhumbeni, umphristi akayukuzihlupha abheke izinwele ezimpofu; lowo ungcolile. 37Kodwa uma ebona ukuthi umuna uwuhlolile, umile, awandi, sekumile nezinwele ezimnyama kuwo, usupholile, uhlambulukile; ngakho-ke umphristi uyomemezela ukuthi uhlambulukile.
38“Uma owesilisa noma owesifazane eba namabala akhanyayo esikhumbeni sakhe, amabala amhlophe akhanyayo, 39umphristi uyomhlola. Uma amabala akhanyayo asesikhumbeni sakhe emhloshana efiphele, yisithembuzane esimmilile, uhlambulukile.
40“Uma umuntu elahlekelwa yizinwele ekhanda, eba yimpandla; uhlambulukile. 41Uma elahlekelwa yizinwele zisuka ebunzini nasenhlafunweni, uyimpandla ebunzini kodwa uhlambulukile. 42Kepha uma ekhanda eliyimpandla noma empandleni esesiphongweni kukhona isifo esibomvana ngokumhlophe, wuchoko lolo olumile empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, 43umphristi uyakumhlola; uma iguludla elikhulayo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, lifana nesifo sochoko esikhumbeni sakhe, 44unochoko; ungcolile; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; isifo sisekhanda lakhe.
45 “Umuntu onesifo sochoko ziyakuklejulwa izingubo zakhe, ikhanda lakhe linganakwa, awamboze amadevu, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’ 46 Ungcolile ngaso sonke isikhathi. Uyohlala yedwa endlini yakhe engaphandle kwenkambu.
47“Ingubo esinindeke ngesifo sochoko, noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni, 48noma ngabe sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba, 49uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kusho ukuthi yisifo sochoko, siyakukhonjiswa umphristi. 50Umphristi uyakusihlola isifo, akuvalele konke lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa, 51uyobuye ayosihlola isifo ngosuku lwesikhombisa. Uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma esikhumbeni, nakuba isikhumba sisetshenziswa noma kumuphi umsebenzi; isifo siluchoko olubi. 52Uyoyishisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma yini yesikhumba enesifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.
53“Uma umphristi ehlole isifo, wathola ukuthi asandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba; 54umphristi uyoyala ukuba kuhlanzwe lokho okunesifo, kuvalelwe ezinye izinsuku eziyisikhombisa. 55Umphristi uyobuye akuhlole emveni kokuhlanzwa kwesifo. Uma ibala lingaguqukile embaleni walo, lingandile, ingcolile, uyoyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma ngaphakathi noma ngaphandle. 56Uma umphristi eselihlolile ibala, wathola ukuthi selifiphele emveni kokuba lihlanziwe, uyakuliklebhula engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo. 57Uma lisabonakala futhi engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, uyokushisa ngomlilo lokho isifo esisavela kukho. 58Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma yini yesikhumba uyakuyihlanza, uma ibala lisuka kuyo, kuyohlanzwa okwesibili, kuhlambuluke.”
59Lena yindlela yomthetho eyakulandelwa esifeni sochoko engutsheni yoboya bezimvu noma kweyelineni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, ukumemezela ukuthi kuhlambulukile noma kungcolile.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo