UJona 3

3
UJona Uya ENinive
Abantu BaseNinive Bakholwa KuNkulunkulu
1Izwi likaSimakade labuye lafika kuJona okwesibili, lathi: 2“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”
3UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu. 4UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”
5Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.
6Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni. 7Yamemezela eNineve ngokwesimiso senkosi nezikhulu zayo, yathi: “Makungabi bikho muntu nemfuyo, mhlambi wankomo, namvu, nambuzi okuzodla noma namanzi, 8kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe. 9Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”
10UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.

Okuqokiwe okwamanje:

UJona 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo